UMkhosi wokawaziswa kukaMaria ngokuzalwa kweNkosi
25th March 2020
DIOCESE OF DUNDEE
POSTNET SUITE 95, PRIVATE BAG X6603, NEWCASTLE 2940
KWAZULU-NATAL, SOUTH AFRICA
TELEPHONE: (034) 312 6591 – TELEFAX: (034) 312 6592
e-mail: dundeediocese@gmail.com
NPO 243-382 PBO 930000779
Bafowethu noDadewethu,
Njengoba sekumenyezelwe ukuba kuzovalwa ukuhamba kwabantu kusukela mhlaka 26 March phakathi kwamabili kuze kube mhlaka 16 April, ngithanda ukubalula lokhu okulandelayo.
- Angeke abe khona onke amaMisa angeSonto kanye nalawo aphakathi kwezinsuku, kanye nezinkonzo ezenziwa uma umpriste engekho.
- AbaPriste bayalelwa ukuba bahlale ezindlini zasemaPherishi ukuze bakhombise ukubambisana naBantu babo. AbaPriste bayakhuthazwa ukuba benze amaMisa zonke izinsuku benzela amaKholwa kanye noMhlaba wonke ukuz e kuphele lesi sifo.
- Wonke amaKholwa ayamenywa ukuba avuselele ukubaluleka komthandazo emakhaya kanye nangasese. Siyakhuthazwa ukuba senze imikhuleko
“yokulangazelela uk:wamukela iSakramente laseLathini”siphinde senze nezinye izinkonzo ezingatholakala kulnternet. Ngokukhethekile, ngiyanimema ukuba nihlanganyele ekukhulekeni iRosari zonke izinsuku phakathi kuka 17h00 no 18h30 ntambama. Umkhuleko kaPhapha wokukhulekela ukuphulukiswa womhlaka 20 March ukhona kule e-mail) - Ukugujwa kwamaMisa angeViki eliNgcwele kanye nangePhasika angeke kwenziwe. IMisa lamaFutha liyahlehliswa.
- Njengoba singakwazi ukugubha iziNkonzo zokuvuma izono, siyamenywa sonke ukuba sizihlolisise izinhliziyo, sizisole bese senza isinqumo sokuthi siyoya ukuyoVuma izono rnhla lokhu sekwenzeka.
- Yonke imiBhabhadiso, Ukwamukela kokuqala, imiQiniso kanye nemiShado angeke kwenziwe ngalesikhathi. Ukwamukelwa kwabangena eBandleni sebebadala kuyahlehliswa.
- Yonke imihlangano nezinye izinhlelo zePherishi kuyahlehliswa.
- Imingcwabo kumele yenziwe ngokulandela imiyalelo kaHulumeni.
Ngiyahambisana ngoln1gcwele nesicelo sikaPhapha uFrancis sokuthi amaSonto ahlale evuliwe! Sengathi izinhliziyo zethu zingahlala zivulelekile esimemweni sikaNkulunkulu ongasoze asilahla. Amazwi eNgelosi “Ungasabi, Maria” akhulunywa ngalomkhosi onesizotha, asakhuluma nathi namhlanje.
Ngihlanganyele nani baFowethu no Datewethu kuleNkathi yokuZila engajwayelekile.
